Kuboshwe abazali bosolwa ngelokubulala ngesihluku
BAQUQUDWA amakhaza esitokisini abazali bomunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kuka-Olorato Mongale (osesithombeni).
Lezi zindaba zivezwe ngamaphoyisa kulandela ukuqhubeka kophenyo ngokubulawa kwesihluku kwalo wesifazane.
Ukuboshwa kukayise kamsolwa kungenxa yokuthi ungumnikazi wemoto iVW Polo emhlophe okukholakala ukukholakala ukuthiÂ
isetshenziswe kulesi sigameko.
Ngakolunye uhlangothi unina kamsolwa uboshelwe ukufona athiphise indodana yakhe engumsolwa ukuthi ayibaleke.
Lesi senzo sikanina kamsolwa senze ukuthi indodana ikwazi ukubaleka la ibibhace khona yagcina iphunyulile yangaboshwa ngoLwesithathu ntambama.
Ngesikhathi amaphoyisa efika eNanda lapho ehlala khona ubesehambile.Â
Abasolwa kuleli cala uFezile Ngubane, Philangenkosi Sibongokuhle Makhanya noBongani Mthimkhulu
.

