Inkantolo inqume ukuba angcwatshwe kwaSibiya owe-IFP
UZOTHUNWA eceleni kukamyeni wakhe eGingindlovu obeyikhansela le-IFP kwaDukuza ngoMgqibelo ozayo.
Ngokombiko we-iKZN News, lesi kube yisinqumo esikhishwe yinkantolo yeMantshi eThekwini ngodaba lombango wesidumbu sikaPrincess Sebenzile Sibiya (osesithombeni).
USebenzile bekufanele angcwatshwe ngempelasonto edlule kodwa kwasuka inxushunxushu yombango wesidumbu phakathi komndeni walapho ezalwa khona kwaMthembu nowalapho egane khona kwaSibiya.
Ngokombiko, abakwaMthembu balwa kanjena nje yingoba bathi udadewabo akabatholanga abantwana kwaSibiya.
AbakwaSibiya yathathe udaba baluyisa enkantolo yafike yabafuna kulolu daba.
AbakwaMthembu abafikanga enkantolo.

