Usedutshulwe wafa osolwa ngokubulala u-Olorato Mongale
AMAPHOYISA aseqinisekise ukudutshulwa kubulawe komsolwa oqavile ecaleni lokubulawa kuka-Olorato Mongale.
Namuhla ekuseni amaphoyisa athole ukuthi umsolwa uPhilangenkosi Sibongokuhle Makhaya ucashe emaflethini abadla izambane likapondo eManzimtoti, KwaZulu Natal.
Amaphoyisa abingelelwe yinhlamvu umsolwa edubula eqondise kuwona. ngesikhathi ezama ukumthola
Abe esephoqeleka ukuphindisela ezivikela.
Umsolwa ulimale kabi washonela khona lapho.
Kwenzeka lokhu nje ULieutenant General Mkhwanazi ubekhona naye endaweni yesigameko.

