Bangaphezulu kuka-20 abesifazane abayizisulu zeqembu lezigebengu zakwaMashu
AMAPHOYISA asedalule ukuthi uFezile Ngubane umsulwa ecaleni abesolwa kulona.
UNgubane ubebalwa njengomsolwa ekufeni kuka-Olorato Mongane.
Uyise kaFezile umnikele emaphoyiseni kwaMashu ngoLwesihlanu ngemuva kokuzwa kokuthi indodaba yakhe ibifunwa amaphoyisa.
Kulapho kuhlaluke khona ukuthi empeleni uFezile kwayena uyisisulu njengoba umufi kuleli cala esebenzise imininingwane kaFezile ngendlela mnyama.
Ngokombiko, uNgubane uziphilisa ngokuwasha izimoto kanti uhlala endaweni eyodwa nomufi uPhilangenkosi Makhanya.
UMakhanya kuthiwa ukhombe uNgubane njengomuntu obeyizisulu nje, wathatha umazisi wakhe wawusebenzisa ukubhalisa izingcingo ngohlelo lwe-SIM card kaRica.
UMakhanya wenze uhla lwakhe olude lokuthumba nokugebenga okubhekiswe kwabesifazane abasebasha.
Kwesinye isikhathi kuthiwa wayesebenzisa ikhadi lasebhange likaNgubane ukuthenga ezitolo zezingubo ezahlukene.
Uyise kaNgubane umnikele esiteshini samaphoyisa KwaMashu ngoLwesihlanu ngesikhathi ezwa ukuthi indodana yakhe ibifunwa ngamaphoyisa ecaleni lokubulala u-Olorato.
Umazisi kaNgubane utholwe njengengxenye yomazisi abangu-27 abatholakala kukamufi.
I-SAPS iphinde yabadedela abazali bomunye wabasolwa ababili kuleli cala ngemuva kokwehliswa kwezitatimende zabo.
Amaphoyisa ahlezi namacala okungenani angamashumi amabili lapho abesifazane bephumele obala bahlonza abasolwa njengalabo ababathumbayo babagebenga.
Amanye ala macala abikwe ePotchefstroom, Bloemfontein, Midrand, Ogies naseNelspruit eMpumalanga, ePitoli naseGoli.
Kusaqhubeka ukuthungathwa kukaBongani Mthimkulu kanti amaphoyisa aphinde acela uMthimkhulu ukuthi azinikele esiteshini samaphoyisa esiseduze.

