Cishe wafa obanjwe embhedeni nentombi yomngani
KWEMBULWA kwembeswa kowesilisa ogwazwe kabi wumngani wakhe ngenxa yentombi eHilltop
Ngokombiko wabeReaction Unit South Africa (RUSA) owesilisa ubeziphuzela ethaveni ehleli nomngani nentombi yakhe.
Umngani uzumekile kwasekuthi lo wesilisa wahamba nentombi yamngani wakhe bayolala.
Nakuba engachazanga imininingwane etheni kodwa uthe ngesikhathi ephaphama umngani esesele yedwa ethaveni uqonde endlini yalo mlisa.
Umngani ungene ngefasitela wazithela kulo mlisa nentombi yakhe ilele embhedeni.
Akabange esabuza, wambhuxeka ngommese ephindelela kwaze kwaba uyabaleka.

