Udilikajele kowashisa ingoduso nezingane zilele
Owayeyilungu leDemocratic Alliance (DA) uKhansela uMichael Buthelezi utholwe enecala wagwetshwa odilikajele abane eNkantolo yesiFunda yaseMnambithi ngoLwesihlanu.
Lokhu kungemuva kokutholakala enecala lokubulala isinqandamathe sakhe nezingane ezintathu emzini wakhe eBergville ngo-October 2023.Â
Inkantolo ilalele ukuthi uButhelezi washisa owayeyisithandwa sakhe uKhombisile Nyoka (41).
Akagcinanga lapho kodwa waphinde waqhubekela ezinganeni uLubanzi Buthelezi, 12, uZigizemdoda Buthelezi (9) noSibingele Buthelezi.
Bonke laba wabashisa nendlu ngesikhathi beleleUphenyo olunzulu lwamaphoyisa luveze ukuthi uButhelezi oyedwa wabulala umndeni wakhe eyedwa futhi ubufakazi obuqanda ikhanda buye benza ukuthi inkantolo ikhiphe isigwebo esiphezulu.

