Indumezulu uLebo M eshadelwa okwesi-10
USESHADELWE ihlandla leshumi umculo odumile waseNingizimu Afrika uLebo M.
Umbiko waMaphephandaba uthi uLebo M wodumo lweLion King ubophe elikasofa silahlane nesithandwa sakhe uMalefu “Mel” Ntsala.
Lezi zithandani osekunesikhathi zithembisene umshado.
Bake bahlukana ngenxa yokuthi uLebo M wavele washadelwa ngomunye wesifazane.
Manje uLebo M ube wukuhlukana noPretty Samuels wangapholisa maseko washada noMalefu.
Phambilini uke washadelwa wuViveca Gipson, Nandi Ndlovu, Angela Ngani-Casara (kabili) nabanye, okuhlanganisa nokuthembisana umshado nomlingisi uZoe Mthiyane kanti manje usephinde washada noNtsala.

