Izindaba

Kuphelile ngoWhatsApp komakhalekhukhwini abadala.

Kusukela namuhla izingcingo eziningi ezindala zizoyeka ukuba nenkundla yemilayezo edumile uWhatsApp.

AbakwaMeta , okuyibona abangabanikazi bakwaWhatsApp babike ukuthi baqhamuke nalezi zinguquko ngemuva kwkesikhathi eside bezicubungulisisa.

Lokhu kuzokwenzeka kuma-smartphone amadala njengoba iWhatsApp isiyeke ngokusemthethweni ukweseka ukusetshenziswa kwezingcingo ezindala.

Lesi sinyathelo sithinta izinhlobonhlobo zama-smartphones asebekhulile, okuhlanganisa i-Apple iPhone 5s, i-iPhone 6, ne-iPhone 6 Plus, kanye namamodeli amadala we-Android afana ne-Samsung Galaxy S III, i-HTC One X, ne-Sony Xperia.

Ekuqaleni, i-WhatsApp yayihlele ukwenza lolu shintsho ngoMay 5, kodwa usuku lokuvalwa kubikwa ukuthi lubambezelekile futhi saphothulwa izolo ngoJune 1, 2025.

Ku-FAQ yayo, i-WhatsApp ithe ihlale ibuyekeza izinhlelo zokusebenza ezisekelwayo ukuze ihambisane nokushintsha kwamadivayisi nesoftware.

AbakwaMeta bazoqale bathumele imilayezo ngaphambi kokuqedwa kokusebenza kuka-WhatsApp ezingcingweni ezindala.