Babanjiswe uWhatsApp abasolwa ngezibhelu zangoJuly 2021
BACETSHWE yimilayezo yeqembu elikuWhatsApp ababoshwe ngenxa yezibhelu zangoJuly 2021.
Lokhu kuvezwe ngokhulumela oKlebe wathi kusalandelwa imikhondo yabanye abathintekayo.
Namuhla, iNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort inikeze ibheyili ka-R1 500 umuntu ngamunye kubasolwa abane ababevela ngokugqugquzela udlame emphakathini mayelana nezibhelu zangoJuly 2021.
Umbiko wephephanda iCitizen, ubale uBhekuyise Cebekhulu (58) waKwaZulu-Natal; Jimmy Sibeko (44), Busisiwe Skhosana, (52) noBogadi Mahisa (49) waseGauteng, bavele okokuqala phambi kwenkantolo ngoLwesibili ekuseni.
UMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi (DPP) ugunyaze incwadi yukuboshwa kwabasolwa, base bezinikela ngabamele abomthetho.
Izinxushunxushu zango-2021 zaholela ekutheni abantu abangaphezu kuka-350 balahlekelwe yizimpilo zabo futhi badle u-R50 billion womonakalo.
Imibhikisho, udlame, nokuphangwa kwempahla kwaqubuke ezifundazweni zonke zaKwaZulu-Natal (KZN) neGauteng kulandela ukuboshwa kwalowo owayengumengameli uJacob Zuma.

