Lisenkingeni iphoyisa elishayele imoto engenasicabha
ULt-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe kufanele liqondiswe ubugwegwe iphoyisa ebelishayela imoto yawo engenaso isicabha sikamshayeli.
Izolo, kusabalale ezinkundleni zokuxhumana ivideo enemoto encane yamaphoyisa ebihamba emgwaqeni ishayelwa ngokukholakala ukuthi yiphoyisa.
Okushaqe abaningi wukuthi ibingenaso isicabha ohlangothini lukamshayeli.
Ngokwemibiko, lemoto kuthiwa ibe sengozini netekisi eThekwini.Â
Okudale ukuthi imoto igcine ingenasicabha kuthiwa wukuthi kukhona obebambekile kwase kuphoqwa ukuba sikhishwe.

