Kujike izinto kufa obezama ukubamba inkunzi eMaoti
KUSHONE indoda esolwa ngokuzama ukubamba inkunzi kulandela ukubanga isibhamu nesisulu eMaoti, KwaZulu-Natal.
Ngokombiko ohlanganiswe wuphiko lwezokuphepha lwakaReaction Unit South Africa (RUSA) amadoda amathathu abengena ephuma egebenga izakhamuzi eziphuca impahla nokunye okubalulekile.
Kuthe esazitshela ukuthi ayanqoba angena kowokugcina kanti azofika kwangqi ngetshe.
Isakhamuzi sigolizile sazama ukuzivikela ngokuthi sibambe isibhamu kwesinye sezigebengu ebezihlasele.Â
Kugcine ngokuqhuma kwesibhamu kwadubuleka isakhamuzi kanye nomsolwa ekhanda.Â
Umsolwa uzamile ukubaleka kodwa wagcina ewe washona. Abebehamba nomsolwa bathathe isibhamu sakhe babaleka bamshiya.

