Izindaba

Zimapeketwane izinto esikoleni iShakaskraal

UKUKHUNGATHWA yizinkinga kwesikole iShakaskraal SA School sekwenze abazali babafundi nabasebenzi bakhona bafune kube khona ukungenelela okuphuthumayo.

Lesi sikole esikwaDukuza sibhidlikelwa yingqalasizinda kanti nobuholi baso buyinkinga enkulu.

Umbiko wephephandaba iThe North Coast Corrier, udalule ukuthi abasebenzi bathi isimo esibi sibhebhethekiswa wubuholi bukathishanhloko obambile.

Bamsola ngokudala isimo sibe manzonzo kungasebenzeki nhlobo.

“Sibikile ihhovisi lesifunda ngezikhalo zethu, uthishanhloko uphenywa wuMnyango wezeMfundo,” kusho omunye wabasebenzi.

Imizamo yokuthola uMnyango wezeMfundo ukuze uphawule ngophenyo ayiphumelelanga ngesikhathi sokushicilela.

Ukushuba kwesimo kushube ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi uthishanhloko ehluleka ukuhambela umhlangano obuhleliwe. 


Abazali abebedinwe begane unwabu bathe akasale esehlale ekhaya kuze kuphele isikhathi sezivivinyo, besabisa ngokuthi bazomvalela ngaphandle kwesikole uma ebuya. 


Kusukela ngoLwesihlanu akakaze abonakale esikoleni.