Izindaba

I-SACP isinqume ukungenela ukhetho ngokuzimela

I-SACP, ebikhankasela i-ANC phambilini, inqume ukuzimela ngemuva kokungaboni ngaso linye nabambisene nayo ngenqubomgomo nezinye izindaba.


ISouth African Communist Party (SACP) esifundeni iHarry Gwala, okuhlanganisa noMasipala uMsunduzi, yethule umkhankaso oqinile wokugqugquzela ukhetho lomasipala lwangonyaka ozayo..

Exoxa neThe Witness uNobhala we-SACP esifundeni iHarry Gwala, uMnuz Mazwi Ngubane, ethi ujabule ngamathuba eqembu okhethweni lomasipala lwangonyaka ozayo.

“Sixhumana kabusha nabantu abasha, abangasebenzi kanye nabantu ngokwezigaba ezahlukene. 


“Selokhu kwaqalwa lezi zinhlelo, ubulungu be-SACP esifundeni bukhule kakhulu,” esho.

Njengengxenye yamalungiselelo okhetho, ubuholi besifunda be-SACP buvakashele izikole bunikela ngezinto ezisukela ezicathulweni kuya kumalaptop.

“Ngokuhamba kwesikhathi ubuholi bonke beSACP bukazwelonke buzongena esifundazweni iKwaZulu-Natal naseHarry Gwala lapho buzohlala khona izinsuku eziyisikhombisa buxoxisana nemiphakathi yendawo,” usho kanje.

Iningi lamalungu e-SACP nawo angamalungu e-ANC aphethe amakhadi.