Kuboshwe abasolwa ngokusocongwa kowe-IFP
KUBOSHWE abasolwa ababili mayelana necala lokubulawa ngesihluku kwelungu lePhalamende leNkatha Freedom Party (IFP), uKhethamabala Sithole.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe bobabili bazovela ngaphambi kwenkantolo yeMantshi yasePalm Ridge namuhla ngoLwesine ngecala lokubulala.
USithole wadutshulwa wabulawa yimvula yezinhlamvu ngoMeyi 31 eHostela iBuyafuthi eKatlehong, eKurhuleni – okuyisenzo esinodlame esishiye abantu abaningi bebambe ongezansi.
I-IFP ikwamukele ukuboshwa kwalaba futhi yancoma amaphoyisa nethimba elijutshwe ukuthi liqhube leli cala.
“Sikhuthazekile ngesimemezelo esivela eHhovisi likaKhomishana wesiFundazwe eGauteng mayelana nenqubekela phambili kuleli cala, futhi siyaqhubeka nokubeka ithemba lethu ohlelweni lwezobulungiswa ukuqinisekisa ukuthi bonke abathintekayo – hhayi nje abasolwa ababili ababoshiwe – bayaboshwa.
“Siphinde sinxuse i-SAPS ukuthi ingashiyi lutho ekuvezeni iqiniso eligcwele ngalesi sigameko sokubulala,” kusho isitatimende se-IFP.

