URamaphosa udinga incazelo koxhafuze ushingamu ephalamende
UNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme nokuqeqesha uNobuhle Nkabane usobishini ngenxa yokuziphatha kwakhe ngesikhathi evele phambi kwekomiti lezikhundla ephalamende kuleli sonto.
URamaphosa ucele ukuthi umbiko ufake imininingwane mayelana nokuvela kwakhemuva nje phambi kweKomiti Yezemfundo Ephakeme.
Udaba lukaNkabane lokunxamfuza ushingamu phambi kwesithangamu lube ngundabamlonyeni futhi lahlaziywa njengokwedelela isizwe.
Okhulumela uRamaphosa, uVincent Magwenya, ngoLwesine udalule ukuthi uNkabane usecelwe ukuthi alethe umbiko onemininingwane mayelana nokuqokwa kwakhe, kanye nencazelo ngokuziphatha phambi kwekomidi lezikhundla.
Ukuziphatha kukaNkabane kubonakale njengokungahloniphi ngesikhathi enqaba ukuphendula imibuzo wabe esedlulisela usihlalo wekomiti ku-Google ukuze athole izimpendulo zombuzo awubuziwe.
UMagwenya uthe asikho isikhathi esiqondile kodwa uRamaphosa ulindele umbiko maduze.

