Izindaba

Isejele intombazane eqambe amanga ngokudlwengulwa

ITHWESWE icala lokuqamba amanga intombazane eyabika ukuthi idlwenguliwe.


Ekuqaleni kwaleli sonto, intombazane eneminyaka engu-16 yabika ukuthi idlwengulwe kade igibele imoto esuka eDullstroom iya eLydenburg.


Ubucayi baleli cala benze amaphoyisa aphenyisisa nokuveze ukuthi yaqamba amanga akalinyaziwe.


Kunalokho kwavela ukuthi intombazane ibisaba ukuveza ukuthi ibivakashele isoka.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General (Dkt) Zeph Mkhwanazi, uzwakalise ukuphoxeka okukhulu ngombiko ongamanga.

“Ngeke sibahawukele abantu abavula amacala amanga,” usho kanje.Â