Izindaba

IMeya yaseMandeni iphika eyokuthinteka kwelokufa kwekhansela


IHLELA ukubathathela izinyathelo zomthetho abadicilela igama layo iMeya yaseMandeni njengoba kusabalele amahlebezi ayiyamanisa nokubulawa kowayekhansela kule ndawo.

Amahlebezi angamanga abethi uThabani Mdlalose uboshwe waphinde wadedelwa ngebheyili ka-R10,000 ngezinsolo zokubulawa kukaPhendukani Mabhida.

La mampunge abeqhuba athi uMdlalose unikwe ibheyili ka-R10,000.

Eziphendulela , uthe ngamanga. Uthe akakaze aboshwe noma avele phambi kwenkantolo ngalolu daba ayamiswa nalo. Usole umkhankaso wabathile wabazama ukudicilela igama lakhe.

UMabhida wayeyikhansela le-ANC ku-ward 18 kanti wadutshulwa wabulawa ekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokusola abathile ngenkohlakala.

Babili ababoshiwe ngaleli cala.