Izindaba

Umunyu kuphelezelwa isihlabani somlingisi u’Cobrizi’

UMUNYU nezinyembezi kuhlezi obala kwizethameli zenkonzo yomngcwabo yomlingisi uPresley Chweneyagae e-Akasia Community Hall eTshwane.


Ihholo ligcwele phama ozakwabo namalungu omphakathi ukuzohlonipha lezi esazalelwa eMahikeng kanti uzogcwatshwa eZandfontein Cemetery ePretoria.


Lo mlingisi ozakhele udumo kwezokungcebeleka udlule emhlabeni ngemuva kokuba nenkinga yokuphefumula kahle.


UChweneyagae obedume kakhulu ngelika- “Cobrizi” noma “Mokwepa,” waduma emhlabeni wonke ngendima yakhe ephambili efilimini eyawina i-Oscar ngo-2005 ethi Tsotsi.


Khonamanjalo, i-DStv ne-Showmax baveze ukuthi bazohlonipha leli ciko ngokuthi badlale ifilimu i-‘Tsotsi’.


Bazophinda badlale  neminye imisebenzi akuyona kuMzansi Bioscope.

I-‘Tsotsi’ izotholakala ukuthi isakazwe ku-Showmax naku-DStv Stream.

KuMzansi Magic izodlala namuhla  ngoMgqibelo, 7 Juni ngo-8 ebusuku nakuM-Net Movies Channel 4 ngomhlaka-15 Juni ngo-8 ebusuku.