Ezokokungcebeleka

Izinguquko ezintsha ngomngcwabo kaSqiniseko Mvelase

SEKUMENYEZELWE izinguquko eziphuthumayo ngomngcwabo wesilomo somhlaziyi kamaskandi kuTIkTok uLangelihle “Sqiniseko Mvelase” Mthembu.


Izinguquko zithinta indawo yenkonzo yomngcwabo njengoba ingeke isaba esikoleni iMpungeni Primary kodwa isithuthelwe enkundleni yezemidlalo eMpungeni KwaNodunga khona kwaMaphumulo.


Lokhu kungenxa yokulindeleka kwezinkumbi zabantu ababhekwe ukuba bethamele le nkonzo.


Phakathi kwalabo bantu abeseki bakhe iningi labo elisezinkundleni zokuxhumana ezifana noTikTok noFacebook.


Yibo futhi labeseki bamufi abagile izimanga befaka isandla njengoba benikele ngemali efinyelele ku-R30,000.

USqiniseko udutshulwe wabulawa esemzini abegobe kuwo amadlangala eNigel, eKurhuleni, ngoLwesine olwedlule ngesikhathi esematasatasa ehlaziya kuTikTok.