I-USA ixwayisa ngobugebengu kwabafisa ukuvakashela eMzansi
USUPHINDE wagadla uhulumeni wase-USA kuleli njengoba usuxwayise ngobugebengu obungakaze bubonwe obukuleli.
Uhulumeni oholwa uDonald Trump, ufake leli lizwe ohlwini lwamazwe ayingozi kakhulu emhlabeni.
Uyalele abafisa ukuvakasha ukuthi baqaphe eqolo njengonwabu ngoba iNingizimu Afrika inama ngoba buyashaqisa ubugebengu obunobudlova, ukuthumba, kanye nezenzo zobuphekula.
Umbiko we-Polity.org, uthe ngokoMnyango Wezwe Lase-U.S., ubugebengu obunobudlova obuhlanganisa ukuphanga, ukudlwengula, ukuntshontsha izimoto, nokugebenga kudlangile, ikakhulukazi ezindaweni ezimaphakathi namadolobha.
Iseluleko sokuvakasha sibonise ubungozi bodlame lwamaphekula esifundeni.
I-USA iqhube yathi imibhikisho, neziteleka kuyinsakavukela umchilo wesidwaba, ngokuvamile kuqubuka kungalindelekile futhi kungakhula ngokushesha kugcine kuwudlame.

