Izindaba

Lisolwa ngokufuna imali iphoyisa elibhekene nelokuthumba

SEKWENGEZWE icala lokuqola ephoyiseni eliboshelwe ukuthumba umfundi waseBloemfontein.

USergeant Nzima Philemon Adoons (42) uboshwe  ubingelele imantshi enkantolo yaseBloemfontein namuhla ngoMsombuluko.


Kumanje ugcinwe esitokisini kuze kube uyabuyela ngoLwesihlanu, lapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.


Ukwengezwa kwecala lesibili kungenxa yokuthi usolwa ngokufonela unina kaKamogelo Baukudi efuna imali ukuze lo mfundi adedelwe.


Ngokombiko wamaphoyisa lo mfundi othunjiwe akakatholakali kanti acela noma ngubani ongaba nosizo athinte isiteshi samaphoyisa esiseduze.