I-UK isifake unswinyo kwizikhulu zakwa-Israel
I-United Kingdom ifake unswinyo kongqongqoshe ababili bakahulumeni wakwa-Israel.
Ngokombiko wePA Media, lolu nswinyo lungenxa yenkulumo eyenziwe yilabo ngqongqoshe bephawula ngezenzo zezwe labo eGaza, ePalestine.
UNgqongqoshe wezokuPhepha u-Itamar Ben Gvir noNgqongqoshe wezeziMali uBezalel Smotrich bazobhekana nokuvinjelwa ukuhamba kanye nokukwazi ukusebenzisa izimali abazonge e-UK.
Laba babambe iqhaza elikhulu ekusekeleni umfelandawonye kaNdunankulu uBenjamin Netanyahu.
Okwamanje akukahlali obala ukuthi iyiphi inkulumo ebaqhathe ne-UK.
Laba bobabilli banikele ku-X bathi bayazi vele kuliwa nabo futhi lesi senzo se-UK bayasibona sizama ukubanqinda amandla okulwa nokuyodla umhlaba wasePalestine.

