Uvalo ngemibiko yeCovid 19 entsha
UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi uxwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathathe izinyathelo ezinqala ukuqinisekisa ukuphepha kwabo.
Umbiko wePoloty.org uveze ukuthi uMotsoaledi ubekhuluma ngodaba oluthinta Covid 19 entsha iNimbus.
NgoLwesibili, uMotsoaledi ubekhulume emhlanganweni wesine we-G20 Health Working Group obubanjelwe eMelrose Arch, eGoli.
Ukuvezile ukuthi okwamanje leli lizwe alikatholi mbiko ngohaqekile lapha eNingizimu Afrika.
“Esikushoyo nje ukuthi lokhu kugadiwe, futhi uma kukhona okumele kwenziwe, sizokwazisa umphakathi.
” Kodwa okwamanje, qhubeka ugeza izandla zakho njalo, uvale umlomo uma ukhwehlela, uhlale ekhaya, futhi ugqoke imaskhi uma ucabanga ukuthi uwutholile umkhuhlane. Yilokho kuphela okudingeka kwenziwe okwamanje,” kusho ungqongqoshe.
Abahaqwe i-Covid-19 basatholakele angu-22 emhlabeni okubalwa kuwona akwizifunda zase-Asia, i-Europe, i-US, ne-Australia,

