Dololo igama likaShivambu ohlwini lweMK Party
KUBUKEKA sengathi uMkhonto WeSizwe Party usuvele wawuhosha ukhaphethi kobenguNobhala Jikelele weqembu uFloyd Shivambu.
Lokhu kungenxa yokuvela kwezindaba zokuthi igama lakhe alibonwa nangokhalo ohlwini lwe-MK Party lwabangenele ukhetho ephalamende.
Nakuba lokhu kusangashintsha uma kwenzeka iqembu libuyekeza uhlu lwayo futhi likhipha amagama athile akhona.
Kwisithangamu sabezindaba, i-MK Party, ikuqinisekisile ukuthi igama likaShivambu belingakalethwa ukuze licutshungulwe ephalamende.
Lokhu kuza ngemuva kwamasonto uShivambu ehlisiwe esikhundleni sokuba unobhala-jikelele weqembu kulandela ukuhambela kwakhe ibandla likaShepard Bushiri okungagunyaziwe.
Ekhuluma ne-IOL, okhulumela iMKP, uNhlamulo Ndhlela, ucashunwe ethi bamatasa nohlelo lokuqinisekisa ukuthi uhlu lwePhalamende luyahanjiswa.
UNdhlela uzichithile izinsolo zokuthi uShivambu ubengekho ohlwini lwamabomu kodwa ngoba bekumele balandele uhlelo lwePhalamende.

