Balinganiselwa ku-100 abashone kuphahlazeka ibhanoyi
Sekuphahlazeke ibhanoyi lisanda kusuka nje, kwafa abagibeli abangaphezulu kuka-100 abebephakathi.
Leli bhanoyi lase-India belisanda kuphakama lindiza lisuka esikhumulweni sezindiza esisedolobheni i-Ahmedabad ngesikhathi liphahlazeka.
Imibiko esavele iveza ukuthi bangaphezulu kuka-100 abashonile kwathi abanye abaningi baphuthunyiswa ezibhedlela zendawo.
Iziphathimandla zase-India zikuqinisekisile ukuthi indiza i-Air India Flight AI171 ebilibangise esikhu,mulweni sezindiza eGatwick eLondon ibe sengozini.
Abagibeli abangu-169 abase-India kuthi abangu-53 kube abaseBritain., abayisikhombisa abasePortugal noyedwa waseCanada.
Uphenyo ngalesi sehlakalo luyaqhubeka njengoba kubhekwa nembangela yale nhlekelele.

