Izindaba

Sekukhishwe uR60,000 kongaveza osolwa ngokufa komholi we-IFP

AMAPHOYISA aseGauteng akhiphe umehlokaboni ka-60,000 kunoma ngubani ongasiza  ngomkhondo ongaholela ekuboshweni nasekugwetshweni kukaZamani Ngila Ximba.


UXimba usolwa ngokuthinteka ecaleni lokubulala iPhini likaSotswebhu weNkatha Freedom Party, uMnuz Khethamabala Sithole, nelokuzama ukubulala abanye abantu ababili ehostela iBuyafuthi, ngoMeyi 2021, eKahongst5.

Umsolwa mude, umnyama ngebala futhi uthathwa ngokuthi uhlomile futhi uyingozi kakhulu.

Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni komsolwa ukuthi ashayele uMajor General Mbuso Khumalo ku-082 556 8642 noma uCaptain Abe Montoedi ku-082 461 4794. 


Lonke ulwazi olutholiwe luzophathwa ngobumfihlo obukhulu, futhi abafonayo bangase bahlale bengaziwa.