Yadukiswa yisangoma indodakazi eyathengela uyise izinkabi
IGWETSHWE udilikajele indodakazi eyabulala uyise imsola ngokuthakatha unina.
UMologadi Magdeline Mehlape (28) ulahlwe yicala lokubulala uyise uDkt Malekutu Johannes Mehlape, owayeyi-Circuit Manager eMnyangweni wezeMfundo eLimpopo ngoDecember 28, 2023.
Wambulalela ukuthi wayemsola ngokufa kukanina ngemuva kokuyobhula esangomeni uHlologelo Klaas Mogotlane – naye ongumsolwa – okwathi uma eshaya amathambo aveza ukuthi nguyise owathakatha unina, wafa.
Undodokazi kuvele ukuthi waqala wamdlisa ushevu uyise kodwa wangafa, Kwalandela ukuthi amthengele izinkabi ezine ngo-R200,000.
Abanye abasolwa abane, uTshepo Gabriel Ranoto (34), Mogotlane (isangoma) (34), Mahlodi Melida Mathole (34) noMichael Sello Molongoane (42).
Babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, ukubulala, ukubamba inkunzi esebenzisa isihluku nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Icala lalaba basolwa lihlukene lahlehliselwa umhla zingama-20 kuJune 2025 eNkantolo eNkulu yasePolokwane.

