Kuboshwe ikhansela eliyamaniswa nokuthunjwa kukasomabhizinisi
LIBOSHWE labuye ladedelwa ngebheyili ikhansela lesifazane elisolwa ngokuba nesandla ekusizeni kuthunjwa usomabhizinisi.
Amaphoyisa aseqinisekise ukudedelwa ngebheyili ka-R2,000 kwekhansela (37) kulandela uphenyo olunzulu olukhombe ukuthi lisize osolwa wesilisa (34) ngokuthumba ukuba abaleke.
Nakuba ikhansela lingaphandle ngebheyili kodwa umsolwa wesilisa ugqunywe ejele kanti uzovela phambi kwenkantolo ngoLwesine oluzayo kuzolalelwa isicelo sebheyili.
Lesi sehlakalo sokuthumba senzeke eDimbaza e-East London nokuyilapho umsolwa ekhiphe usomabhzinisi esitolo sakhe wamphoqa wamfaka emotweni yakhe maqede wayishaya yazula..

