Ezomhlaba

Munye vo osinde kwinhlekelele kuphahlazeka indiza

IMIBIKO yakamuva isikuqininseksile ukuthi munye vo osinde kuphahlazeka indiza izolo e-India.

UViswashkumar Ramesh (40), oyisakhamuzi saseBrtaini, uyena kuphela osindile ku-Air India Flight 171.

Lokhu kusho ukuthi abantu abangu 241 abebekule ndiza kuhlanganisa nabasebenzi bonke bashone kule nhlekelele.

Ucashunwe ethi: “Ngemizuzwana engu-30 isuka kwaba nomsindo omkhulu yabe isiphahlazeka indiza. Kwenzeka ngokushesha okukhulu. Ngesikhathi ngisukuma kwakukhona izidumbu zingizungezile.”

NgokweCNN. uRamash uthole imihuzuko embalwa kanti nemithwalo yakhe ebigcinwe neminye eminingi ayilimalanga kangako.

Leli bhanoyi belisuka e-India lilibangise esikhumulweni sezindiza eGatwick London,