Kugxekwa amakholwa ashisa izicucu zemfundo nomazisi
KUGXEKWA umkhuba obukeka wanda wokushisa izicucu zezemfundo nomazisi ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mkhuba wenziwa ngabazibiza ngamakholwa aqavile.
Bathi izicucu zezemfundo okungama-diploma, degrees, izitifiketi, amakhadi emogomo nomazisi kungokwakaSathane.
Kuma-video asabalele kuFacebook, Instagram nakuTikTok bazishaya isifuba ngokuzikhipha emaketaneni asathane ngokushisa konke lokhu.
UMbhishobhu webandla eliseThekwini ocele ukungagagulwa uthe iyakhathaza lento eyenziwa yilaba.
” Yimbi lento yokushiswa kwezicucu. Ababagqugquzela ukuba bayenze benza into embi ngoba ababeluleki ngendlela.
” Uhulumeni sengathi angenza imizamo yokuxoxa nabo ingaze ibhebhetheke lemfundisoze,” usho kanje.
Ezinkundleni zokuxhumana baningi abakugxekayo lokhu nabesabela ukuthi lomkhuba ungahle ubhebhetheke.

