Uzibulale ngoshevu ocetshwe emaphoyiseni ngokulala indodakazi
IDLE ushevu yafa indoda ebivulelwe icala lukulala indodakazi yayo iminykanyaka.
Le ndoda (45) ivuelwe leli cala oluthiwa yaqala ukuligila ngo-2017 indodakazi isaneminyaka engu-17.
Kuthe indodakazi isineminyaka engu-25 uyise esalokhu eyikinakela ngocansi, yazisa unina owacasuka wakhetha ukufaka isahlukaniso somshado.
Kuthe kulo nyaka umufi waqala phansi wahlukumeza isisulu nonina lapho bese beqube khona.
Kulapho laba besifazane bevele bayolivula ngokusemthetheni icala lokuhlukumeza indodakazi.
Le ndoda kuthiwa ibe isifonela isihlobo sayo yasazisa ukuthi idle ushevu.
Itholakale isishonile. Amaphoyisa aseLeslie ayaphenya ngalolu daba nokufa kwale ndoda.

