Ukhonjwa kwiGagasi FM uMinnie Dlamini
ANGAHLE amenyezelwe njengomsakazi omusha weGagasi FM usaziwayo uMinnie Dlamini.
Ngokwezinhlelo, angahle angene esikhaleni esivuleke kushiya uZisto ngoMarch walo nyaka.
UZisto ubesohlelweni iFastlane okumanje lushayelwa yiThe Kings of The Weekend okunguSphectacular noDj Naves.
Isolezwe libikwe ukuthi, uMinnie unezingxoxo eziqhubekayo nalo msakazo phakathi kwakhe nabaphathi.
Kuzokhumbuleka ukuthi nakuba esesebenze kakhulu kwezinye izifundazwe kodwa ungowakhona lapha KwaZulu-Natal.

