Izindaba

Kunxuswa abakuleli abase-Iran ukuba baqaphele

UHULUMENI usenxuse izakhamizi zaseNingizimu Afrika okumanje zise-Islamic Republic of Iran ukuthi zithinte ihhovisi lenxusa eTehran.


Isizathu salokhu wuthikuqinisekiswe ukuthi zibhalisiwe, nokuthi ihhovisi lenxusa linolwazi ukuthi likuphi nendawo

UMnyango Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba kanye Nokubambisana (i-Dirco) ePitoli ukhiphe lesi simemezelo ngenxa yokuba manzonzo kwesimo phakathi kwe-Iran ne-Israel.

“Kubalulekile ukuqaphela nokuthi sikuveze ukuthi akukuningi uhulumeni waseNingizimu Afrika angakwazi ukusiza ngakho uma isimo siba nzima kakhulu,” kusho uDirco esitatimendeni.

“Ngakho-ke, sigqugquzela izakhamizi ukuba ziqaphele ukuphepha futhi zenze okufanele ukuze ziphephe.”

Izinombolo zocingo zaseTehran: +98-912-230-8968 noma +98-930-495-8965 eyasePitoli: +27 12 351 1000.Â