Izindaba

Ushiye angalazi etalabha iMK Party uMalema

USHIYE angalazi kuMkhonto WeSizwe Party umholi weEFF ngesikhathi ethula inkulumo emgubhweni wosuku lwentsha eKing Zwelithini Stadium.


UJulius Malema uthe nakuba iMK Party yavotelwa kakhulu futhi inezihlalo eziningi ephalamende kodwa ayisizo yalutho.


“Nibatshele ukuthi abalusizo lwalutho. Bavotelwa kakhulu kodwa akukho abakwenzela abantu kunalokho banilethelela abantu abakhuluma into engezwakali ngisho ekhuluma ngolwimi lwakhe njengoPenny Penny,” kusho uMalema.


Kulo mgubho kaJune 16, kukhunjulwa isigameko sokubulawa kwabafundi baseSoweto wukuhulumeni wengcindezelo ngo-1976..


Uvale inkulumo yakhe ngokucula ingoma yomzabalazo iKill The Boer.