Ezokokungcebeleka

Injabulo uPhakelumthakathi edlala emdlalweni uShaka iLembe 2

KUQHILIKE izihlathi kwabaningi ngenxa yokubona owaziwa ngokuhola amabutho kaZulu edlala indawo ebalulekile kuShaka Ilembe 2 kuMzansi Magic ngeSonto ngo-8 ebusuku.


UNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba ongumgqugquzeli wamabutho KwaMandlakazi, KwaNongoma, ungomunye wabalingisi abamqoka kulo mdlalo.


Udlala indawo kaMahlabeni futhi uzoba nezwi elimqoka kulo mdlalo.


UPhakelumthakathi akamusha neze ekulingiseni njengoba eke wabonakala kwiSmoke and Mirrors, How to Master A Man, My Brother’s Keeper nasesikhangisweni seRugby. 

Ngaphandle kokulingisa, ubambe iqhaza kwezamasiko ehambisana noMntwana uFunda Zulu nosomlando uTshatha Ngobe ngaphansi kwenkosi uBhekintinta Zulu.