Kusolwa umona kobhekene nelokubulala owayeyintombi yakhe
LIHLEHLILE icala losolwa ngokubulala ngesihluku owesifazane owayeyohlolwa ikhono lokusiza uthisha eMandeni.
Umsolwa okukholakala ukuthi wayethandana nomufi uNomvula Ngubane waseThembeni, uzobuyela enkantolo yemantshi eNyoni ngoJuly 29 kulo nyaka.
Lokhu kungenxa yokuthi amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
UNomvula waduka ekade eyohlolwa ikhono. Umndeni wakhe wambheka izinsuku ezimbili kanti nocingo lwakhe lwaselucinyiwe.
Wagcina esetholakala isidumbu sakhe sembozwe ngamahlahla emzini okukholakala ukuthi ngokamsolwa.
Omakhelwane abahlebele Ezisematheni, basola umona kumsolwa owayebona uNomvula esezoba ngcobo uma ethola umsebenzi wokufundisa. kanti futhi wayesemalile

