Libuyele enkantolo icala likaPule Mabe
Icala lenkohlakalo lowayengumkhulumeli we-African National Congress (ANC) kuzwelonke, uPule Mabe, libuyela enkantolo.
Leli cala elithathwa njengelibucayi liqulwa enkantolo yamacala ezohwebo namuhla ngoLwesibili ePalm Ridge, eGoli.
UMabe nabanye abayisithupha, babhekene namacala angu-16 okukhwabanisa, ukushushumbisa imali kanye nokwephula uMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni.
Icala limayelana nethenda ka-R27 million eyatholwa yinkampani kaMabe, i-Enviro Mobi ngo-2017 yokuhlinzeka ngezithuthuthu ezingu-200 ezingamasondo amathathu kuMasipala waseKurhuleni.
Udaba oluqhubekayo.

