Izindaba

Uvele enkantolo oqhumise inganono emcimbini we-Action SA

SICHITHIWE isicelo sebheyili kumsolwa owavulela ngenhlamvu emcimbini we-Action SA ngeledlule.


UXolani Morgan Hadebe uvele enkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.


Enkantolo, umsolwa ucele ukuzimela wathi akamfuni nala ehambe khona ummeli.


Isicelo sakhe sokungathwetshulwa ebusweni sichithiwe yinkantolo, yathi kufanele ukuthi izwe limazi ukuthi ungubani.

Inkantolo iphinde yaveza ukuthi kunamacala abucayi afunelwa wona ngakho kuzofanele aqube khona ejele kusaphenywa.

Umsolwa uzobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo kuzolalelwa iosicelo sakhe sebheyili.


Ubuholi be-Action SA bebukhona ukuzolalela enkantolo.