Kuvele amanyala ecaleni lowathumba izingane esibhedlela
UNGAPHANDLE ngebheyili kaR500 owesifazane oweba izingane ezimbili esibhedlela zisemabhodleleni.
USinovuyo Rabula (26) unikwe lebheyili yiNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton.
Ubhekene namacala amabili okuthumba ngezinsolo zokuhlwitha izingane esibhedlela ngomhlaka-20 May.
Izingane zazixhunywe emapayipini okuncelisa ngenxa yokuthi zazinesisindo esiphansi kakhulu njengoba zazalwa kungakafiki isikhathi.
Le wazi zingane ezimbili ezasifakwe emabhodleleni eDora Nginza e-Eastern Cape wazithatha wayobakhohlisa ngazo umndeni wakhe wathi ubekhulelwe usebelethe amawele.
Icala libuyela enkantolo ngoLwesihlanu.

