UKelly Khumalo ugudle obaba abangazinaki izingane zabo
INKULUMO eqoshiwe kaKelly Khumalo esabalele ezinkundleni zokuxhumana, isihunyushwe ngabaningi njengegudla uyise wendodana yakhe.
Kwi-video enalesi silomo somculi, ingenkulumo yokubungaza uSuku loBaba obelungempelasonto.
Uzibiza ngoyise wendodana yakhe. Nakuba engadalulanga igama lomuntu ayiqondise kuyena inkulumo kodwa abaningi bathi iqonde ngqo kuJub Jub.
UJub Jub noKelly banendodana.Â
Kwinkulumo yakhe uthi kunabantu okungasiki uma izingane zabo bengaziboni, nabangenandaba.Â
Abanendaba uma bevinjelwa ukuzibona, bagijima izinkantolo.
Laba abangenandaba nabawobaba kwizinkundla zokuxhumana kuphela abakufanele ukubizwa ngobaba kodwa bangomalume nje kuphela.

