Izindaba

Odilikajele kwababulala 8 kubangwa imibhede eGlebelands

INkantolo eNkulu yaseThekwini ikhiphe odilikajele abangu-8 kanye neminyaka engu-15 ejele umuntu ngamunye kwabahlanu abadubula babulala abantu abangu-8 kubangwa imibhede.


Lesi sigameko sashiya abaningi beshaqekile ehostela iGlebelands eMlazi. 


Ngokwenkantolo kuthiwa ezintatha ngoJune 3 2023, amadoda angu-12 ayehleli ekamelweni elilodwa ehostela.


Ahlaselwa adutshulwa kwathi abayisikhombisa bashonela endaweni yesigameko kwathi owumunye washonela esibhedlela ngemuva kwezinsuku ezimbalwa. 


Amanye amadoda amane aphume engenamyocu. 


Kwaboshwa uBongile Mabele (35), Bongani Mboyiyane (39), Sibusiso Manyisa (41), Siyamthemba Mthwana (41) noNkosayikhethi Mjeza (41). 


Kwatholakala isibhamu kubona kanti imiphumela yakhombisa ukuthi yisona sikhali esasetshenziswa ngesikhathi sokubulawa kwala abashona kulesi sigameko.