Izindaba

Sisinde ngokulambisa isikhulu sikamasipala waseNewcastle

USINDE ngokulambisa edutshulwa oyibamba lemenenja kumasipala waseNewcastle.


UDkt Dumisani Thabethe (osesithombeni) kuvele ukuthi kukhona abebethi bayaqeda ngaye bemsusuluza ngenhlamvu kodwa wasinda.


Lesi sigameko esishaqe abaningi siqinisekiswe yihhovisi likamasipala awusebenzelayo.

Lokhu kucashunwe kwiphephandaba iNorthen Natal News, exoxe nesikhulu sezokuxhumana uMthandeni Myende.


Ucashunwe ethi, uThabethe ubehamba ngemoto esegoduka ngesikhathi ehlakalelwa yilomuga.


Ngenxa yobucayi bodaba uveze ukuthi lusezandleni zamaphoyisa futhi ayaphenya.