Ugeqe amagula uShivambu ngeMK Party
UTUSE ubuhlakani nobuholi balowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma kwisithangamu sabezindaba.
UFloyd Shivambu ubegeqa amagula kwisithangamu sabezindaba abenaso namuhla ngekusasa lakhe kule nhlangano esanda kumsusa esikhundleni sokuba nguNobhala-Jikelele.
Ngesikhathi etusa uZuma, uthe ufunde okuningi ngesikhashana ekuMK Party kunalesi sikhathi ekwi-EFF.
Uphinde wagxeka ujaji uRaymond Zondo nekhomishana yakhe yokubanjwa ngombuso.
Nakuba ethe ngeke asule kwiMK Party kodwa uzoqhubeka abe nezingxoxo nabantu bakuleli ukuzwa ukuthi sikhona yini isidingo sokusungulwa kweqembu lepolitiki elisha.

