Izindaba

Uzobolela ejele owaseNtshongweni obulale indodana

INKANTOLO yesiFunda ePinetown igwebe uSiyabonga Innocent Shezi (30) udilikajele ngecala lokubulala indodana yakhe (8).


UShezi ongowaseNtshongweni ubulale indodana ngenhloso yokuzwisa unina wendodana ubuhlungu ngoba engafuni babuyelane.


Lesi sigameko senzeke ngoJanuary 2023 ngesikhathi uShezi ecele ukuthi ingane imvakashele. 


UShezi esikhundleni sokuya ekhaya nengane wayiyisa emfuleni wafike wayiklinya esebenzisa ibhulukwe layo ingane.

Wabe esefonela udadewabo kanina wengane emazisa ukuthi useyibulele.

UShezi ulivumile icala lokubulala indodana yakhe.