Uvalo kusabalala isifo samatele
SESISABALELE ezifundazweni ezine isifo samatele.
Umbiko we-eNCA uveza ukuthi lesi sifo esihlasela kakhulu imfuyo siya ngokudlondlobala eGauteng, KwaZulu-Natal, Limpopo, naseNorth West.
UNgqongqoshe wezoLimo uJohn Steenhuisen uthi uhulumeni ubeke eceleni u-R43 million wokuthenga imithi yokugoma ukulwa nalesi sifo.
Uthi iqoqo lokuqala labangaphezu kuka-900,000 lifike kuleli ngesonto eledlule, livumele ukugoma ukuthi kuqale kule mpelasonto edlule.
USteenhuisen ukuqinisekisile ukuthi i-oda lesibili lisendleleni.

