Basolwa ngokudayisa amanzi abashayeli bamathangi eMkhambathini
UMasipala wesiFunda uMgungundlovu uphenya ngezinsolo zokuthi abashayeli bamathangi amanzi badayisela izakhamuzi eziphelelwe yithemba ngamanzi.
Lokhu kulandela incwadi yekhansela le-DA uTanki Tsoananyana okhale ngokuthi abantu baseMkhambathini eCato Ridge. kwesinye isikhathi balinda isikhathi esingaphezu kwesonto ukuze amathangi abo omphakathi oJoJo aphinde agcwaliswe.
Iphinde ithi ithangi lamanzi elilodwa lisebenzela imiphakathi eminingi, nesidingo sidlula kude.
I-East Coast Radio icaphune okhulumela umasipala uBrian Zuma uthi azikho izikhalo ezisemthethweni ezike zabekwa ngabashayeli.
Uthi umasipala uzimisele ngokubathathela izinyathelo abashayeli uma kukhona ubufakazi.

