Izindaba

Kufe isikhulu samatekisi kudutshulwana namaphoyisa

KUDUTSHULWE kwabulawa isikhulu samatekisi esigamekweni senzeke erenki nesichazwe njengesokuzivikela kwamaphoyisa.

Lesi sikhulu sibalwa nabanye abayisithupha abadutshulwe ngesikhathi begadla kuqala emaphoyiseni abebamisa ku-R61.

Lapha bekulandelwa umkhondo wezobunhloli kwabasolwa ngokugqekeza nabamataniswa nokuqola abasembonini yamatekisi ngokubakhokhisa imali yokubavikela.

Okhulumela amaphoyisa eMthatha uBrigadier Nobuntu Gantana uthe : ” umkhankaso wobunhloli ubuqonde abantu okusolakala ukuthi bayabandakanyeka ezigamekweni zokuqola.


Kushaye usuku lwanamuhla ngoLwesibili kungakaphothulwa ukuhlonzwa ngokusemthethweni kwezidumbu.