Ngeke bahole kusasa abasebenzi baseJozini
AKWEHLI ngisho ukudla kubasebenzi bakumasipala waseJozini ngenxa yencwadi ebazisa ukuthi ngeke bayinuke imiholo yabo kusasa.
Incwadi esayinwe ngoyibamba lemenenja ehhovisi likamasipala, uS Nkosi, yazise abasebenzi ukuthi ngeke bayithole imiholo njengoba behola kusasa ngoJune 25.
Kunalokho kungenzeka bahole ngasekupheleni kwenyanga noma ngesonto lokuqala kule nyanga ezato okunguJuly.
Nakuba singavezwanga isizathu esiyimbangela yalokhu, kodwa abasondelene nalo masipala bathi ubhekene nezinkinga zemali.
Lo masipala uholwa nguKhansela uNathi Myeni weqembu i-IFP othathe izintambo leli qembu lifaka amasondo uNaye Mathe.

