Ugxekwa ngokwedukisa isizwe umdlalo uShaka iLembe
INDLUNKULU kaZulu nongoti bomlando wobuKhosi bakwaZulu sebezwakalise ukuphoxeka ngokuhlanezekela komlando okukhonjiswa emdlalweni uShaka Ilembe.
Umbiko weSunday World uveze ukugxekwa kwalo mdlalo ngesiqephu sesibili esiveza uMkabayi kaJama odlalwa nguThandeka Dawn King enobudlelwano noNongila nokuyinto engamanga aluhlaza.
Okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana uThulani Zulu ukugxekile lokhu.
Uthe: “Njengomndeni wasebukhosini, asinalwazi ngobudlelwano obunjalo. Lokhu akusilo iqiniso kuyadukisa, kuyacasula.”
UDkt (uMntwana) Zeblon Zulu uthe: “Okwenzekayo kuyadabukisa ngoba kwenziwa egameni lobukhosi bakwaZulu.”
USolwazi Nogwaja Zulu waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal wengeze ngokuthi: “Ezincwadini zethu zomlando namasiko adluliselwa ngomlomo, ayikho indaba yokuthi uMkabayi wayesondelene noNongila nanoma iyiphi indoda.
“Akazange ashade noma azale izingane ngokuqondile ngoba engafuni ukulahlekelwa amandla akhe.”
Udaba oluqhubekayo.

