UShivambu uphoqwe ukuhoxisa izinsolo zezidakamizwa
USENQUNYELWE ugwayi katiki owayenguNobhala-Jikelele woMkhonto WeSizwe Party kulandela ukusola umholi woMkhonto WeSizwe Party ngokudla izidakamizwa.
Abameli bongumkhulumeli weMK Party uNhlamulo Ndhlela sebebhalele uFloyd Shivambu bemuphoqa ukuba ahoxise ukuthi ikhasimende labo lidla izidakamizwa.
Okunye okufanele akuhoxise wukuthi uNdhlela uhlezi edakwe utshwala nokugcina kudala uqhekeko eqenjini.
Elinye iphuzu kube yilelo lokuthi uNdhlela uqhosha ngokuthi unokuvele amvale ngamanga umholi waleli qembu uJacob Zuma naye akholweKushaye isikhathi sokuloba iShivambu engakathi vu ngalolu daba.

